Uncategorised

U-SASSA NEZINHLELO EZIHLUKAHLUKENE EMPHAKATHINI

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz uMbali Shinga okulindeleke ukuthi kusasa umnyango wakhe usondeze izinhlelo ezihlukahlukene emphakathini. ISITHOMBE: KZNDSD

NOMCEBO NGEMA

ISIGUNGU esiphezulu soMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi KwaZulu-Natal oholwa uNksz Mbali Shinga ngokubambisana nabakwa-Sassa, bamema wonke umphakathi waseNteke, eThekwini ku-ward 100 ukuthi uphume ngobuningi bawo kusasa njengoba bezobe bephethe izinhlelo ezihlukahlukene ezizolekelela umphakathi.

Lolu hlelo lubizwa nge- Integrated Community Registration And Outreach Programme (ICROP) uhulumeni uhlose ngalo ukulekelela imiphakathi edonsa kanzima ngokusondeza usizo eduze. Kusasa kuzohlomula inqwaba yabafundi ngomfaniswano ngaphansi kwalo lolu hlelo, ukufakwa kwezicelo zesibonelelo sikahulumeni, usizo lokuxazulula izinkinga zemali yesibonelelo salabo abangasebenzi, ukufundiswa kwamalunga omphakathi ukuthi angasifaka kanjani isicelo sesibonelelo online kanye nokuqwashiswa ngobugebengu bokuntshontshelwa imali yesibonelelo.

Lo mcimbi uzobe ukusasa zingama-28 kuLwezi, enkundleni yezemidlalo Kwa Mhlongo Sportsground ngehora lesi-9:00 ekuseni. Umphakathi uyanxuswa ukuthi uphathe omazisi, izitatimende zasebhange kanye nezitifiketi zezingane kulabo abafuna ukufaka izicelo zesibonelelo sezingane.