UYAFIHLWA NAMUHLA OWE-CPS OWADUTSHULWA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uzokwethula inkulumo namuhla. ISITHOMBE: KZN OTP
NOMCEBO NGEMA
UYAFIHLWA namuhla uMnuz Mbongwa obeyilunga elibhekelela ubugebengu emphakathini, kulandela ukudutshulwa ngemvula yezinhlamvu, inkonzo izoqala enkundleni yezemidlalo iBhandarosi Sports Field eduze, eHammarsdale ngo-9h00 ekuseni namuhla
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, kulindeleke ukuthi ahambele lo mgcwabo, ngenhloso yokuhlonipha kulandela ukuba yindoda enesibindi futhi ebeka ukuphepha komphakathi phambili.
“Awukho lula umsebenzi owenziwa ngamavolontiya basebenza ukulwa nobugebengu emphakathini. Likhulu iqhaza abalibambayo ukuqikelela ukuthi umphakathi uphephile futhi uvikelekile, “ kusho UNdunankulu uNtuli.
Uthi umndeni awududuzeke kodwa uqonde ukuthi kulele iqhawe, ebeliqinisekisa ukuthi umndeni walo nomphakathi kuphephile.
