I-SAFA KWELINYE IHLAZO FUTHI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
I-SOUTH African Football Association (SAFA) iyaqhubeka nokuba sematheni ngezindaba ezingezinhle, kulandela njengoba sekuvele ukuthi yehlulekile ukukhokhela abasebenzi bayo amaholo kaMarch. Ngokwenjwayelo le nhlangano engamele ibhola kuleli ivamise ukukhokhela izisebenzi ngomhla ka 25, kodwa kulokhu ithumele i-email ethi izimali zizongena ngemuva kwesikhathi. Ngokusho komthombo i-SAFA idalule ukuthi ilinde abaxhasi ukuthi bakhiphe imali kodwa okwamanje kukhona okusabambile. Umthombo uqhube wathi kungaze kuqonde yonke into ngesonto elizayo. Ngasekupheleni konyaka i-SAFA yatakulwa obishini umnyango wezemidlalo owayinika isamba sika R5 million, wokukhokhela amabhonasi abadlali beBafana Bafana neBanyana Banyana. Kwenzeka konke lokhu nje umengameli wale nhlangano uDanny Jordan uvele enkantolo nabanye abesilisa ngezinsolo zokukhwabanisa izimali ze-SAFA. Icala lisazobuyela enkantolo kanti muva nje le nhlangano isanda kutheleka ngehlazo, kuvela ukuthi ikhempise iqembu lika Under 20 endaweni ebingenamanzi eGoli.
Amajita abehlelelwe imidlalo yesihle neBotswana ngaphambi kwemidlalo emqoka ye 2025 U20 Africa Cup of Nations ezokuba se-Ivory Coast kusukela ng April 26 kuya kuMay 18.
