USHINGA NEZIYALO EZINQALA KWINTSHA EBITHWESWA IZIQU

INTSHA eqhamuka ezindaweni ezihlukene ebithweswa iziqu.

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga enika abantu abasha iziyalo. IZITHOMBE: KZNDSD.
NOMCEBO NGEMA
UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal, wethwese iziqu abantu abasha eShowe, ngenhloso yokuthuthukisa intsha yasezindaweni zasemakhaya, eVuma Youth Development Academy izolo.
UNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga uthwese iziqu intsha eyi-110 eqhamuka ezindaweni ezihlukahlukene esifundazweni.
“Namhlanje anithweswa iziqu kuphela kodwa sekuyisiqalo esisha. Nisebenze ngokuzikhandla njengoba manje seninamakhono azoshintsha izimpilo zenu, imindeni yenu kanjalo nemiphakathi eniyakhele. Ngiyazi kuzobakhona ukukhuluma okungekuhle kodwa ngicela ningakulaleli kepha nigxile ekwakheni ikusasa lenu libe ngcono,” kusho uNgqongqoshe uNksz Shinga.
Lentsha ithole izitifiketi kwimikhakha eyehlukene okubalwa ihospitality, plumbing, ukwakha izindlu kanye nokunye okuningi. Baphinde bathola uqeqesho lwe- computer kanye nakwizifundo ze-Business Management obeluhlelwe iNational Youth Development Agency (NYDA
