UBUMNANDI BUBUZWA E-KZN

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula ethula ngokusemthethweni izinhlelo zomnyango.
NOMCEBO NGEMA
ISUKILE!! ubumnandi bubuzwa KwaZulu-Natal ngalesikhathi samaholidi okuphela konyaka okubalwa umdanso, ushameni, amaciko acula bukhoma kanye nokunye okuningi okuzojabulisa abantu bakulesifundazwe kanye nezivakashi.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni izinhlelo zobumnandi namaholidi okuphela konyaka, eKZN Music House eThekwini.
UNgqongqoshe uKhawula utshele amaciko abehambele lo mcimbi ukuthi umsebenzi wabo ukwenza abantu bajabule, ngomculo, umdanso, ukusina, ukudlala imidlalo ehlukahlukene kanye namahlaya nokunye okuningi.
“Amaciko ngiyawakhuthaza ukuthi enze imcimbi la ezocula bukhoma, umnyango uzobe usubahlinzeka ngendawo, ubuxhakaxhaka bokuphefoma ukuze wena njengomculi ukwazi ukuzimaketha. Imali ekhokhwa umnyango ngeyomculi. Kungangijabulisa ukubona amaciko akulesifundazwe esekana futhi ebambana ngezandla zombili, kuthi lawo anemicimbi aqashe abanye, bangabi zimbangi,” kusho uNgqongqoshe.
Uqhube wathi bahlele ukuba nezingxoxo nezindawo zokudla ukuze amaciko ekwazi ukucula bukhoma kuzona lezi izindawo, okungenani kanye ngenyanga.
Kunenqwaba yemicimbi exhaswe umnyango kusukela kuZibandlela kuze kube uMasingana okubalwa eyobumnandi, ingoma yezinsizwa emakhaya kanye neyomculo wombhaqanga. Kulo mcimbi abasiki bengqephu bathole ithuba lokukhangisa ngengqwphu yabo kuNgqongqosshe kanye nezihambeli kwaphinde kwanandisa abaculi.
