Uncategorised

ULINDA SIBIYA UZOSHAYELA OLOKUHLUKANISA UNYAKA KWI-GAGASI

ULINDA Sibiya uzoshayela uhlelo lokuhlukanisa unyaka kwiGagasi FM. Isithombe: Facebook.

NOMCEBO NGEMA

BASWELE amaphiko okundiza ngenxa yenjabulo abathandi bomsakazi uLinda “Mr Magic” Sibiya ngesikhathi umsakazo iGagasi FM limemezela namhlanje ekuseni ukuthi uzokwethula uhlelo lokuhlukanisa unyaka mhla-31 kuZibandlela.
Lezi zindaba ziqinisekiswe umphathi wezinhlelo u-Alex Mthiyane, kulandela ukukhuphuka kwezibalo zabalaleli zafinyelela ku 40k, kusakaza uMr Magic .
ULinda Sibiya ubeyisimenywa kuwona lo msakazo, ungena ohlelweni lwasekuseni i-The Uprising noFelix Hlophe noMinnie Dlamini, uzakhela udumo negama eminyaka edlule ngaphambi kokuthi akhonjwe indlela esinye isiteshi semisakazo emkhulu ngonyaka ka-2014.
Indlela asakaza ngayo abanye abalaleli baphakamise ukuthi agcinwe unomphela noma anikwe ithuba lokwethula uhlelo lokuhlukanisa unyaka okuyinto abukhali kakhulu kuyona. Ekuseni ekhasini leGagasi kuFacebook kufakwe isikhangiso sokuthi uma sithola ama-likes angu-10 000 bazocela ku-Alex ukuthi asakaziswe uhlelo lokuhlukanisa unyaka kodwa ama-likes agcine edlule ku-40 000.
ULinda uzoshayela uhlelo lokuhlukanisa unyaka noFelix Hlophe noSelbeyonce.