Uncategorised

UDJ NONO UBEKE IMANDENI KWIBALAZWE NGOWE-HOME COMING

UNONO ongumsunguli womcimbi iMandeni Home Coming oba minyaka yonke.

UFALABO ushiye izihambeli zalomcimbi zifuna impinda.

USWAZI M obengumphathi wohlelo ushukumise inkundla ngamavosho esteji. IZITHOMBE: KWANDA MAKHOBA.

NOMCEBO NGEMA

BADELE imvula, amakhaza nobuthongo babo abathandi bomcimbi iMandeni Home Coming oba minyaka yonke mhla zingama-24 kuZibandlela, lo mcimbi eMandeni Kwancend’mhlophe Stadium.

UNono ogama lakhe langempela kunguDumsani Biyela ongowokuzalwa eMandeni Skhalambazo, ongumnikazi wenkampani iNonotainment okuyiyo ebihlela lo mcimbi uthi unyaka we-12 lo mcimbi ukhona ngoba inhloso yawo ukwamukela wonke umuntu osebenza kanzima unyaka wonke eMandeni nabasebenza kwezinye izindawo. “Wonke umuntu usuke esebenza kanzima unyaka wonke ngakho kubalulekile ukuthi mebuya ngamaholidi okuphela konyaka afice umcimbi onjengalona azojabula kuwona, yingakho kuyi-Mandeni Home Coming. Lo mcimbi uba ngalolu suku owandulela ukhisimuzi ngoba sisuke sibemukelela ukhisimuzi,” kuchaza uNono.

Uthi ngalomcimbi akuhlomuli kuphela amaciko endawo, kuphinde kuhlomule nosomabhizinisi abancane ngokudayisa ukudla, iziphuzo, iziqandisi (ice) nokunye okuningi.
Uthi kunabantu abaningi abalala bedlile ngenxa yalomcimbi.
Ube esebonga wonke umuntu obeyingxenye yawo lo mcimbi, njengoba inkundla yezemidlalo ibigcwele phama.
Uveze ukuthi lo mcimbi akuwona owakhe kodwa owabo abantu, yena usefana nesithunywa sabo. “Ngidlulisa amazwi okubonga kumasipala waseMandeni nakumnyango weZemidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngokuxhasa lo mcimbi ukuze ube impumelelo, ngibonga wonke umuntu owenze lolusuku lwaba impumelelo ngoba ngiyazi ukuthi kukhona abangekho lapha kodwa abasikhulekelayo,” kuphetha uNono.

Lo mcimbi wakulonyaka ubuhluke kakhulu kweminye yaphambilini njengoba lo ubuneziteji ezimbili esinye sibophele iLegendary Vinyl Kings Movements okubalwa uThebe, uMgiftana, uDJ Mbuso kanye no-Andy X. Kwesinye kuboshelwe uFalabo, uDladla Mshunqisi, iNtencane, uSaliwa, uThina and Ndumiso Zungu, uMafikizolo, uSkyewanda nabanye abaningi.