I-NFP INCOME UHULUMENI WOBUMBANO

USIHLALO weqembu le-NFP kuzwelonke uMnuz Sibusiso Mkhabela encoma uhulumeni wobumbano. ISITHOMBE: KZNNFP
NOMCEBO NGEMA
I-NATIONAL Freedom Party (NFP) KwaZulu-Natal, ichome uhulumeni wobumbano oholwa uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli uphaphe lwegwalagwala, ngokusebenza ngokuzikhandla ukuthuthukisa lesifundazwe. Lokhu kuvezwe uSihlalo we-NFP kuzwelonke uMnuz Sibusiso Mkhabela, ngesikhathi bebize isithangami sabezindaba namhlanje e-Edward Hotel, ngenhloso yokuzokucacisa ukuthi bami kuphi ngokuphatha kwalo hulumeni.
Uthi yena uwushayela ihlombe elikhulu lo hulumeni wobumbano, njengoba ubugebengu KwaZulu-Natal behlile, kunenqwaba yamathuba emisebenzi evelile, futhi iKwaZulu-Natal ihambe phambili ngemiphumela emihle ka-matric nokunye jokuhle okuningi.
“Selokhu uNdunankulu athatha uMnyango wezokuPhepha koMphakathi wawufaka ehhovisini lakhe wasebenzisana noMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ubugebengu bunciphile. Ocabanga ukuganga angingabazi ukuthi ucabanga kaningi ngoba kuyaziwa ukuthi abakwasidlodlo abagayelwe mphako, ezikaNgqongqoshe uMnuz Siboniso Duma siyazibona zibheke ezokuphepha emgwaqeni manje ungasho kanjani ukuthi wena ufuna ukuhlakaza uqede ngalomsebenzi omuhle kangaka esifundazweni. Lo hulumeni wobumbano siyaweseka kakhulu futhi sithi uNdunankulu uNtuli akayibambe la ayibambe khona engabe esayidedela,” kusho uSihlalo uMkhabela.
Uqhube wathi izinqumo ezithathwa ngemva kwezindlu nabathile abazingeni bona, futhi iqembu alingeni lapho. Uthi bona bafuna kuhanjiswe intuthuko emphakathini, kubekwe abantu baKwaZulu-Natal kuqala, ukuze lesi sifundazwe sizobuyelwa isithunzi nokwethenjwa. Uphinde waveza ukuthi bayameseka uNgqongqoshe uNksz Shinga kanye nesinqumo asithathile. Ugcizelele ukuthi isinqumo esithathwe ikhokhasi yaKwaZulu-Natal, nesigungu sesifundazwe eSishayamthetho bayaseseka ngoba isona abahambisana naso futhi abafuni muntu ozosiphazamisa.
