UDILIKAJELE KOWADLWENGULA INTOMBAZANE (13) EMTHWALUME.

INKANTOLO igwebe uSiyabonga udilikajele ngecala lokudlwengula ephindelela ingane. Isithombe: Facebook.
NOMCEBO NGEMA
UGWETSHWE udilikajele uSiyabonga Nicholas Jali (58) ngecala lokudlwengula ephindelela ingane eneminyaka eyi-13 ubudala endaweni yaseMthwalume.
USiyabonga ugwetshwe yiNkantolo yaseScottburgh, kuthiwa wasala nesisulu wabhema insangu wasiphoqa naso ukuba sibheme ngaphambi kokusidlwengula.
Uphenyo luphinde lwaveza ukuthi uSiyabonga waqala ukudlwengula le ntombazane ngonyaka ka-2021.
Abaseshi Bodlame Lomndeni, Ukuvikelwa Kwezingane kanye Namacala Ocansi basePort Shepstone basebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi uSiyabonga uhlala isikhathi eside ejele.
