ISENEGAL IYINQOBE SEKUVALWE AMEHLO I-AFCON

Abadlali baseSenegal bebhiyoza nendondo abayihlabane eMorrocco ngesonto ebusuku.
ISITHOMBE:Al Jazeera
MALIBONGWE MAZIBUKO
ISenegal iphume enkundleni ingompetha bomqhudelwano i-Africa Cup of Nations ka-2025 ekmuva kokuguqisa iMorrocco ebingosokhaya.
ISenegal inqobe ngo 1-0 wegoli likaPape Gueye elishaye esikhathini esengeziwe. Yilona eliqinisekise ukuthi izwe lensephe, uSadio Mane, ligoduka nayo indebe ye-Afcon okwesithathu emlandweni.
ISenegal iwina nje, kade sekusuke izibhelu sekuyophela umdlalo unompempe ebeka iphenathi yeMorocco. ILions of Teranga iphikisane nalesi sinqumo, yaphuma enkundleni. Abalandeli bayo bavuke umbhejazane, bagcina sebelwa namaphoyisa abebanqanda befuna ukungena enkundleni. Nokho leso simo sigcine sidambile, uMane wabuyisela enkundleni ozakwabo, waqhubeka umdlalo.
Umdlali weMorocco, uBrahim Dias, uyishayile iphenathi kodwa wayibeka ezandleni zikanozinti weSenegal, u-Édouard Mendy. Kuyiwe esikhathini esengeziwe nokuyilapho iSenegal eshaye khona igoli egcine iwine ngalo. Ukuphela kwe-Africa Cup of Nations kusho ukuthi abadlali bazobuyela emaqenjini abo njengoba imidlalo iqhubeka ikakhulukazi e-Europe.
