KUNCONYWA UKHUZANI NGOKUTUSA UNALA NGAMAGALELO E-KZN

UKHUZANI Mpungose ubonga uNala ngamagalelo akhe emphakathini.

UMNUZ Vezokuhle Nala ongumsunguli nomnikazi wa-Amathole Funerals. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KUNCONYWA ubudoda nobuhlakani besilomo somculi kamaskandi ongaconsi phansi kwabaningi uKhuzani Mpungose ezinkundleni zokuxhumana, ngokuphumela kwakhe obala ashayele izandla amagalelo omsunguli wa-Amathole Funerals uMnuz Vezokuhle “Vtouch” Nala.
INkos’yomaskandi iphumele obala ekhasini layo KU-FACEBOOK, yathi ifuna ukubonga uMnuz Nala izwe libuka ngamagalelo anawo egameni lakhe, isendimeni kamaskandi nasemphakathini imbala.
“Mina ngafundiswa ukubonga uma umuntu enza okuhle kuwe, le ndoda kuningi esikwenzile endimeni kamaskandi ixhasa imicimbi kokunye ithi ayingavezwa ngoba iyasiza nje. Isizulu sithi amandla omuntu awadliwa kwaZulu, ngenze indumezulu yomcimbi eCarnival City wafona wathi Khuzani wenza into engiyithandayo yokugqugquzela ukuphefoma bukhoma, asikwazi ukungakweseki. Wabe esebuza ukuthi ngishoda ngani wakhokhela izindleko ezingaphezu kika-R300 000, kudlule emhlabeni ubaba uNtshebe weZingane Zoma wathwala zonke izindleko zomgcwabo ngaphandle kwesenti, kudlule emhlabeni uMtshengiseni “Ndidane” Gcwensa wathwala zonke izindleko zomgcwabo wakhe, isezikoleni uyangena athengele abafundi umfaniswano, isemphakathini uyasiza kakhulu okubalwa namathuba omsebenzi anawo. Kuningi kakhulu akwenzayo okuhle ngingabala kuphele usuku,” kusho uKhuzani.
Uqhube wathi uMnuz Nala ungomunye owajabulela ukuphuma kwakhe ezimpini zomculo. “Sizwe sama-Blue Nation ngifisa nazi ukuthi yindoda lena, eyisekayo into enhle futhi ewusizo kuwona wonke umuntu,” kuphetha uKhizani.
Le nkulumo kaKhuzani ivule abantu abaningi amehlo ebebezitshela ukuthi kunokungazwani phakathi kwakhe noMnuz Nala, njengoba engumxhasi omkhulu womcimbu wembangi yakhe uMthandeni Manqele odume ngele-Gcokama Elisha.
Abantu bayituse kakhulu le nkulumo kaKhuzani ezinkundleni zokuxhumana bathi ivuthiwe, inokukhula nobuhlakani iyasho ukuthi ikhulunywa uMnumzane.
