UGWAYI KATIKI UMASIPALA WASEMPENDLE NGOLWAMAHOLO ABASEBENZI

UNGQONGQOSHE uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngesikhathi ekhuluma namakhansela kaMasipala waseMpendle izolo.
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, unqumele ugwayi katiki amakhansela kaMasipala waseMpendle obhekene nezinkinga zemali.
Ukhulume kanje ngesikhathi enomhlangano oyisipesheli obubanjelwe emahhovisi alomasipala izolo, kulandela ukuthi lo masipala uhlulekile ukukhokhela abasebenzi bawo amaholo alenyanga uMasingana.
UNgqongqoshe uButhelezi uyalele amakhansela ukuba ambhalele izincwadi, achaze kabanzi ukuthi kungani kumele aqhubeke ezikhundleni zawo njengamakhansela. “Yinina makhansela eninikwe amandla okukhuluma uma izinto zingahambi kahle kumasipala. Isimo sibi kangaka nje kodwa nina nikhona njengamakhansela. Ngizocela ninikwe indlela yokuziphatha, ebese kuthi ngoLwesine mhlazi-5 kuNhlolanja ngilindele ukuthola izincwadi ezivela kunina ezingitshelayo ukuthi kungani kumele niqhubeke nokuba ngamakhansela. Ngalo lolo Lwesine ngilindele ukuthi nibe seninayo iMeya ebekwe ngokusemthweni,” kusho uNgqongqoshe Buthelezi.
UNgqongqoshe uthi akukho abazokwazi ukukulungisa kulomasipala ingekho iMeya ngoba iyona okufanele iqhumise isibhaxu kumeneja kaMasipala, uma kunezimo ezinjengalezi ezibhekene nomasipala. Kuphinde kwavela nokuthi lo masipala awukwazi ukusebenzisa imali yesibonelelo esinikwa uhulumeni elinganiselwa ku-R43.5 million ngendlela. Uthi izidingo zigcina zingayi kubantu kuthathwe leyomali kugcine kuholelwa abasebenzi namakhansela kuyona.
“NjengoMnyango sizothatha isinqumo ngokufanele ukuthi kwenzekeni kulomasipala, njengoba kuvele nokuthi kunemali ebuye ibuyele emuva ngoba bengayisebenzisi kodwa izidingo zezakhamuzi zibe zingafeziwe,” kuphetha uNgqongqoshe.
