Uncategorised

BASINDE NGOKULAMBISA ONOGODA KUBHONYWA IMOTO YEMALI

ISALE injena imoto yemali kulandela ukuhlaselwa izigilamkhuba. ISITHOMBE: ALSPARAMEDICS

NOMCEBO NGEMA

KULIMALE unogada oyedwa kwathi omunye wathola imihuzukwana, ngesikhathi izigilamkhuba zihlasela imoto yemali emgwaqeni onguthelawayeka u-N2, eduze kwaseChesterville naku-EB Cloete (Spaghetti Junction) eThekwini, izolo ebusuku.

Lezi zigilamkhuba bezihlomile zingovolo, zaphoqa imoto yemali ukuthi ime, zasebenzisa iziqhumane eziholele ekutheni igqamuke amalangabi ishe.

Izigebengu zishaye zachitha nesamba semali engadalulwanga ngaphambi kokuthi kufike abezimo eziphuthumayo.

Kube nesiphithiphithi esikhulu endaweni yesigameko amalunga omphakathi kanye nabashayeli bezimoto betapa imali ebisakazeke phansi.

Kulesi sigameko kubikwa ukuthi kulimale unogada oyedwa kwathi omunye wathola imihuzukwana, bathole ukuhlengwa abakwa-ALS Paramedics khona endaweni yesigameko oyedwa waphuthunyiswa esibhedlela.