Uncategorised

UNDUNANKULU UKHALA NGESIHLUKU KUBULAWA IZINGANE EMANGUZI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli edlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe. ISITHOMBE: KZNOTP

NOMCEBO NGEMA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi ushaqekile futhi udumele ngokubulawa kwezingane ezintathu ngesihluku, okusolwa ukuthi zibulawe uyise esigodini sakwaLulwane, eManguzi ngaphansi koMkhandlu uMkhanyakude.

Uthi ngokombiko wamaphoyisa lesigameko senzeka ziyi-30 kuMasingana ebusuku, lapho kwabulawa khona uKwanele Gumede oneminyaka eyi-15 ubudala, u-Amanda Khumalo oneminyaka eyisi-9 ubudala no-Ayabonga Khumalo oneminyaka eyisi-7 ubudala.
“Lesi simo sibuhlungu kakhulu futhi asixoleleki ngoba le miphefumulo engenacala ithembele kubantu abadala ukuthi bayinike uthando, ukuphepha nokuyivikele. Ukubulawa kwezingane ezingenacala emndenini kuyichilo, ngoba kufanele kube yiyona ndawo ephephile, izingane ezithembele kuyona. Ngidlulisa amazwi enduduzo emindenini yezisulu, umphakathi othintekile, nabo bonke abashaqekile ngenxa yalesi sigameko. Ngiyabuqonda ubunzima nobuhlungu enibhekene nabo, nenikuzwayo ngalesikhathi. Ngifisa nazi ukuthi uhulumeni wesifundazwe unani ngalesikhathi esibuhlungu futhi esinzima kangaka,” kusho uNdunankulu Ntuli.

Ube esenxuse amaphoyisa ukuthi enze uphenyo olunzulu aphinde enze isiqiniseko sokuthi umenzi wokubi uyajeza ngalesi senzo. Unxenxe umphakathi ukuthi ube mehlo mane usheshe ubike uma ubona udlame lwasekhaya kwamakhelwane, wathi ukuthula kuholela kwisigameko esishaqisayo.

Uveze ukuthi uhulumeni wesifundazwe uzosebenzisana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, izinhlaka zokuphepha ukwenza isiqiniseko sokuthi abathintekayo bathola ukululekwa ngokwengqondo.