KUFE ABAYI-4 BEDUDULANA NAMAPHOYISA ENANDA

LAPHA kusendaweni yesgameko lapho kudutshulwe kwabulawa abasolwa abane eNanda. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal adubule abulala abasolwa abane izolo ebusuku eNanda, eMatikwe.
Laba basolwa kuvele ukuthi bebefunwa uthuli ngamacala ahlukahlukene okubulwa awokubulala, ukuzama ukubulala nokubamba inkunzi, besebehluphe kakhulu endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthi laba basolwa badutshulwe izolo ebusuku eMatikwe, e-Area 2 eNanda. “Amaphoyisa asabele kwikhwelo elishawe uPhiko Lwezobunhloli Kubugebengu, ngesikhathi ebabona endaweni yabo yokucasha okuyindlu engu-2 room ongumjondolo eMatikwe. Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko kube nokudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa. Kusale enkundleni abasolwa abane ebebefunelwa amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokubamba inkunzi, kutholakale izibhamu ezine kanye nezinhlamvu. Alikho iphoyisa elileme kulesi sigameko,” kusho uColen Netshiunda.
