Uncategorised

AYAQHUBEKA NOKUQONGA AMACALA OKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE

smart

NAKUBA zehla izibalo zamacala okubulala kodwa ziyakhuphuka izibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal ngesikhathi ehambela izindawo ezakhele iManzimtoti, ukuqinisekisa ezokuphepha kulawa maholidi.
“Sibonga ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa. Kusafanele sisebenze kanzima ukulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uveze ukuthi indawo yaseNanda yiyo ehamba phambili kumacala wonke KwaZulu-Natal.
“Sizoyisukumela Inanda ukwehlisa ubugebengu. Sizotshala izinto ezizolekela ukusondeza eduze ukubona umthelela owenza le ndawo ibe yisizinda sobugebengu,” kusho uNtuli.
UNdunankulu ubehamba noKhomisha wamaPhoyisa uGen Nhlanhla Mkhwanazi.