Uncategorised

KUZOBHUNGWA NGOBUGEBENGU NABOKUFIKA ABAKULELI NGOKUNGEMTHETHO

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli noMkhuzi waMaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

KULINDELEKE ukuthi uthele izithelo ezinhle futhi kuphunywe nezisombululo eziya phambili kumhlangano ozobhunga kabanzi ngezinga lobugebengu esifundazweni KwaZulu-Natal, ozobandakanya zonke izinhlanga, kodwa udaba oluzobe luseqhulwini olwabokufika kuleli abangenazo izimvumo. Lo mhlangano oqhubekayo kuyimanje, e-Archie Gumede Conference Centre, eMayville eThekwini, wenziwe uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uPhakathi KwaZulu-Natal, osingethwe uNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli.

UMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi naye uzobe ekhona, ababambiqhaza nezinhlaka ezihlukahlukene okubalwa uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, uMnyango wezaseKhaya kanye nabasemingceleni yakuleli.

UJacinta Ngobese-Zuma ongumsunguli nomholi we-March And March, uthi balindele umhlahlandlela ikakhulukazi kudaba lwabokufika kuleli abangenazo izimvumo.