Uncategorised

I-BAFANA IZOBHEKANA NEPANAMA KOWOBUNGANI

IBAFANA Bafana izodlala imidlalo yobungani eThekwini naseKapa uma isibhekene nePanama ngenyanga ezayo.
ISITHOMBE : SAFA

MALIBONGWE MAZIBUKO

ISOUTH African Football Association (SAFA) isimemezele ngokusemthethweni ukuthi iqembu lesizwe labesilisa, iBafana Bafana, lizodlala imidlalo emibili yobungani nePanama ngenyanga ezayo.
Ngokwesitatimende esikhishwe ngoLwesithathu kusihlwa, umdlalo wokuqala uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu mhla zingama-27 kuNdasa 2026, kanti owesibili uzodlalelwa eDHL Stadium ngoLwesibili mhla zingama-31 kuNdasa 2026.
Le midlalo ibaluleke kakhulu ohlelweni lokuzilungiselela kumqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos njengoba iqembu lilungiselela iNdebe yomhlaba ka2026 ezobanjelwa e-United States of America, eCanada naseMexico kusukela mhla ziyi-11 kuNhlangulana kuya mhla ziyi-19 kuNtulikazi 2026.
IBafana izobe ibuyela enkundleni okokuqala selokhu yakhishwa yiCameroon emzuliswaneni we-Last 16 ku-2025 Africa Cup of Nations eMorocco. Yagcina eMabhida ngesikhathi ibambana ngo 0-0 neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMfumfu nyakenye.
Nokho, iqembu labuyisa ithemba ngesikhathi linqoba iRwanda ngo 3-0 eMbombela Stadium, laqinisekisa indawo yalo esigabeni esilandelayo sokuhlungela lo mqhudelwano.
ISAFA iphinde yamemezela ukuthi amathikithi ale midlalo aseqalile ukudayisa futhi aqale ku-R80 kubantu abadala kanti izingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 zizokhokha u-R50.