Uncategorised

UMCHUNU UTHI USEKULUNGELE UKUBUYELE EMSEBENZINI

UNGQONGQOSHE waMaphoyisa osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE waMaphoyisa kuzwelonke, osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu, uthi usekulungele ukubuyele emisebenzini yakhe kwi-African National Congress (ANC), nakuba kukhona uphenyo oluqhubekayo.

Lokhu kuvezwe uMnuz Sithembiso Mshengu, ongumkhulumeli wakhe ngesikhathi kunomkhuleko, wokukhulekela uMnuz Mchunu ngoMgqibelo eGreyville Racecourse, eThekwini.
Uveze ukuthi uMchunu uzobhalela uNobhala we-ANC kuzwelonke uFikile Mbalula, acele ukubuyela emisebenzini yakhe yaseqenjini.

Ngonyaka odlule ngoLwezi, uMchunu washiya izikhundla zakhe kwisigungu esiphezulu (National Executive Committee), nakwi-National Working Committee okwesikhashana, kulandela izinsolo zokugxambukela kwakhe emsebenzini wamaphoyisa ngodaba lokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

UMnuz Mshengu uthi unethemba lokuthi uphenyo lweMadlanga Commission luzomkhipha uMchunu phambili, kugezeke negama lakhe.