Uncategorised

UFIHLWE NGESIZOTHA OWE-WISEMAN CAR WASH

IZINGANE zika Wiseman zikhuluma emncwabeni wakhe

UZakwe nabanye abebemphekezele

SANDILE MAKHOBA

UFIHLWE ngesizotha usomabhizinisi ozakhele udumo ngama-car wash KwaMashu, uMnuz Wiseman Cele, ekhaya kubo eZingolweni.
Lo mngcwabo ubuzimazisee osomabhizinisi, osaziwayo kanye nomphakathi waKwaMashu, abebephume ngobuningi ukuzomubeka endaweni yakhe yokugcina.
UWiseman ushone ngesonto eledlule ngemmva kokuxinwa ukugula isikhathi eside. Izingane zakhe zibonge ithuba uNkulunkulu abaphe lona nayise, obenothando olumangalisayo.
,“Kuleminyaka emihlanu ubaba egula sibe nethuba eliningi naye. Usifundisile izinto eziningi ezithinta amabhizinisi nempilo, “ kusho izingane zakhe. Bachaze uyise njengobaba obenothando kakhulu ezinganeni zakhe. Phakathi kwezihambeli ebezikhona Philani ‘uSplash’ Ngwenya, ongusihlalo wamatekisi KwaMashu, uDladla Mshunqisi, uZakwe, izelamani zakwaMkhize, uDJ Sjerere nabanye. Ushiye amadodakazi amahlanu nenkosikazi.