Uncategorised

UMPHAKATHI EBUYISELWA UMHLABA E-MZIMKHULU

UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa noNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thamsanqa Ntuli.

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula obezimazise le ngqophamlando yomcimbi. IZITHOMBE: KZNDSAC

NOMCEBO NGEMA

INJABULO ibibhalwe emehlweni kwizakhamuzi zaseMzimkhulu, ngesikhathi uhulumeni ebabuyisela umhlaba wabo ongaphezu kwamahektha angu-17 000, izolo.
Le ngqophamlando yomcimbi wokudluliselwa komhlaba kubantu baseMzimkhulu, ngaphansi koMkhandlu Sifunda Harry, ibizimaziswe uNgqongqoshe wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu- Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, obehambisana noNdlunkulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli.

Abanikazi bomhlaba banikezwe amatayitela obunikazi bomhlaba ngokusemthethweni, uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ephelezelwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, UNgqongqoshe weZomhlaba kanye nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya uMnuz Mzwanele Nyontsho nongqongqoshe esigabeni sikazwelonke, Amakhosi kanye namakhansela.