KUZOHLONISHWA NGEZIQU ZOBUDOKOTELA ULELETI KHUMALO

ULELETI Khumalo ozothweswa iziqu zobudokotela isikhungo semfundo ephakeme. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ISIKHUNGO semfundo ephakeme iRhodes University sizohlonipha ngeziqu zobudokotela uLeleti Khumalo, namuhla.
ULeleti Khumalo uzothweswa iziqu zobudokotela (LLD),
“ULeleti uzothweswa iziqu ezibizwa nge-Doctor of Laws (honoris causa), uhlonishwa ngenxa yokuklama indima wezobuCiko njengoba beseyingqalabutho, imidlalo ebahlabe umxhwele aseke adlala kuyo uLeleti kubalwa iSarafinah neYesterday,” kusho kweRhodes.
Le ngqalabutho izohlonishwa nezinye ezimbili
uMaureen Quin no-Advocate Win Telrwngove SC owuqweqwe lommeli olwaziwayo kuleli.
“Lezi shoshovu zidlala indima ebalulekile kwimikhakha ezikuyona ziphinde zikhulise umphakathi.
Lo mcimbi kulindeleke ukuthi uhehe amehlo abantu abaningi.
