UNTULI NOMKHANKASO WOKULWA NODLAME #SilwaNesiHlava

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli nohlelo lokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
UKUIBHEBHETHEKA kodlame nokukhuphuka kwezibalo zokubulawa kwabesifazane nezingane, sekuholele ekutheni uhulumeni waKwaZulu-Natal, asungule uhlelo olubhekelele ukulwa ngalolu dlame.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, usungule umkhankaso wokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane obizwa ngokuthi #SilwaNechilo, ngesikhathi kune-Oparation Sukuma Sakhe (OSS), eJohannes Phumani Phungula Local Municipality, ngoLwesithathu.
“Lo mkhankaso owonyaka wonke okuhloswe ngawo ukugqugquzela wonke umuntu ukuthi asukume, kubanjwe iqhaza lokulwa nale sihlava.
Uthi lo kubonakale ukuthi kufanele kube owonyaka wonke ukuze abesifazane nezingane bezozizwa bephephile,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uphinde wakhuthaza abantu besilisa ukuthi babe ngamanxusa, ukuze umlayezo uzosabalala kuzona zonke izinkalo, kungqotshwe lesi sihlava.
Ugqugquzele ukuthi abantu babikeni bangafeli ngaphakathi, ukuze bathole usizo.
“Abanye bayawasula amacala abasuke bewavulile, abanye bakhokhelwe imali ebese bayawasula,” kuphetha uNdunankulu.
