BAZOWINA IZIMOTO ZAKWANOKUSHO KUMA-SPORT AWARDS

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula emi nezimoto ezizohlonyulwa owesifazane kanye nowesilisa abazodla umhlanganiso kumunxa wowesifazane nowesilisa ovelele onyakeni kwezemidlalo. IZITHOMBE: SPHA MBHELE
NOMCEBO NGEMA
INTAKA ibekelwe amazolo kumcimbi omkhulu owaziwa nge-KZN Sports Awards, wokuklomelisa bonke abenze kahle kwezemidlalo KwaZulu-Natal kwiminxa ehlukahlukene, ozoba mhla ziyi-18 kuMbasa e-ICC eThekwini. Namuhla uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, umemezele bonke abasemzuliswaneni wamanqamu kwisithangami sabezindaba ebesise-Kingsmead Cricket Stadium, eThekwini.
UNgqongqoshe uthi bajabule ukuthi bethule ngokusemthethweni uhlelo lokuqalisa lo mcimbi, lapho beklomelisa bonke abenze kahle emikhakheni yezemidlalo ehlukahlukene.
“Lo mcimbi uyoqala ngehora lesithupha ntambama e-ICC. Sakhishwa isikhangiso okanye isimemezelo kuyona yonke imikhakha ethintekayo lapho sasibanxenxa ukuthi bangenele lo mjaho, kwase kuba khona ithimba okuyilona elenze ucwaningo kwaze kwafika kulaba abasemzuliswaneni wamanqamu. Kumkhakha ngamunye kubhekene izingqungqulu ezintathu okuyothi ngelanga lomcimbi kumenyezelwe oyedwa obaqwaqwade bonke emakhanda,” kuchaza uNgqongqoshe uKhawula.
Uqhube wathi okuhluke kakhulu kulomcimbi wakulonyaka ukuthi owesilisa ozodla umhlanganiso kumunxa we- Sport Man Of The Year kanye ne- Sport Woman Of The Year, uzokhala emuke nonyanyavu lwemoto kanjalo nowesifazane. Usho nokuthi kukhona nomkhakha abangeke bawuveze obizwa nge- Lifetime Achievement, abayowumemezela ngelanga lomcimbi.
“Lo mkhakha uqokwa uNgqongqoshe ngenhloso yokuhlonipha ingqalabutho kwimikhakha ehlukene yezemidlalo. Kuhle ukuklomelisa okanye ukuhlonipha umuntu esadla anhlamvana, kunokuthi umhloniphe engasekho,” kuphetha uNgqongqoshe uMnuz uKhawula.
