Uncategorised

UBENESASASA UMJAHO IDURBAN INTERNATIONAL MARATHON ETHEKWINI

BAHAMBE phambili abagijimi baseNingizimu Afrika kwiDurban International Marathon.
ISITHOMBE: Racepass

MALIBONGWE MAZIBUKO

ABAGIJIMI baseNingizimu Afrika benze ezibukwayo namuhla eThekwini bebhekene nezimbangi ezivela kwamanye amazwe ase-Afrika kwiDurban International Marathon okwesibili kulandelana ebangeni lika-42.2km ngeSonto.

Umjaho ubusuka eMoses Mabhida Stadium People’s Park, uphele khona futhi.
Kuphinde kwavezwa ukuthi kulo nyaka lo mcimbi ubufake nomjaho we-10km, okunike abagijimi abaningi ithuba lokubamba iqhaza.
Kubikwa ukuthi emjahweni wabesilisa, iNingizimu Afrika ithathe zonke izindawo eziphezulu,uReghen Magwai we-AGN ufike kuqala entanjeni, elandelwa eduze uSamuel Moloi wePhantane AC, kwathi uSimon Sibeko weNedbank wathatha indawo yesithathu, uThabang Mathebula weHollywood AC KZNA uqede endaweni yesine.
Ngakolunye uhlangothi,kubikwa ukuthi emjahweni wabesifazane, u-Alemitu Ajema Lema wase-Ethiopia ube ngophumelele kwathi u-Annie Bothma weKZNA ube ngowokuqala kubagijimi baseNingizimu Afrika ngokuqeda endaweni yesibili.
Lo mjaho ubuxhaswe uMnyango Wezemidlalo, Ubuciko NamaSiko KwaZulu-Natal (KZN DSAC), futhi ukwesekwa kwawo kuyaqhubeka nokuheha abagijimi abasezingeni eliphezulu ezwenikazi, ngesikhathi kunikezwa abagijimi baseNingizimu Afrika inkundla yokuzibonakalisa ekhaya.