Uncategorised

WETHULE UHLELO LWEZOKUPHEPHA UMASIPALA WASEMFOLOZI

IMEYA uCllr Bhengu ibheka izincwadi zomshayeli ukuthi ngabe zisemthethweni yini. ISITHOMBE: UMFOLOZI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waseMfolozi uCllr Xolani Bhengu, inxusa ukuthi kube nokubekezelelana nokuhloniphana emgwaqeni njengoba kuyiwa emaholidini ePhasika.
IMeya uBhengu I kusho lokhu namuhla ngesikhathi bethula ngokusemthethweni umkhankaso wezokuPhepha, emgwaqeni onguthelawayeka uN2 eMfolozi.

Ngaphambi komkhankaso iMeya ihambele eMposa kuwo uN2, lapho kwehle khona ingozi enyantisa igazi kwadlula emhlabeni umshayeli ngemuva kokushayisana kwezimoto ezimbili.
“Sinxusa abashayeli, abagibeli nabahamba ngezinyawo ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo,”kusho iMeya uBhengu.
Lo mkhankaso wezokuphepha uqale ngomkhuleko, kukhulekelwa ukuphepha nokuthi zingabi khona izingozi okuthiwa ezePhasika.
IMeya ibibambe lo mkhuleko namakhansela ama-ward ahlukahlukene akhele lo masipala, abaphathi beminyango kaMasipala beholwa iMenenja kaMasipala uMnuz Fred Mazibuko, abefundisi, amaphoyisa omgwaqo aseMfolozi, abophiko lukaHlokomela oluqapha ukuthi amatekisi awayiphuli yini imithetho, abakwaRoad Traffic eKZN, abezeMvelo kanye nabophiko lwezomlilo nezinhlekelele eMfolozi.

IMeya nabaholi bebephathele abashayeli izipho ukubafisela amaholidi amahle futhi aphephile.