Uncategorised

UNALEDI UBONGA UTHANDO ALUKHONJISWE E-ZIMBABWE

UNALEDI Aphiwe akawuvali umlomo ngothando aluthole eZimbabwe. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

UMUKELWE ngezandla ezimhlophe, ezinemfudumalo ezweni laseZimbabwe umculi wakuleli uNaledi Aphiwe, emcimbini omkhulu obizwa Ama2K Festival, ngoMgqibelo eBelgravia Sports Club, eHarare.

Ngesikhathi engena estage uNaledi, uqale ngokuxolisa ngempendulo yakhe elumelayo aphendula ngayo umlandeli wakhe waseZimbabwe ezinkundleni zokuxhumana, emasontweni ambalwa adlule. Abalandeli bakhombise ukulwemukela uxolo lwakhe ngokubhiyoza, ukucula kanye nokumamukela ngokumemeza igama lakhe uNaledi.

Eseqedile ukucula esteji ubonge ukwamukelwa ngemfudumalo. “Bengingazi ukuthi kuzokwenzekalani, kodwa uthando engilutholile eZimbabwe angeke ngilukhohlwe. Ngizizwe ngemukelekile futhi ngezwa ukuthi bangixolele okwangempela. Ngifunde okuningi okungikhulisile. Ukuma estage ngizwe abantu becula izingoma zami kungijabulisile kakhulu,” kusho uNaledi.