UYAVELA KUSASA ENKANTOLO UMPHAKELA UMTHAKATH

UPHAKELUMTHAKATHI okulindeleke ukuthi avele eNkantolo yaKwaNongoma kusasa ngecala elivulwe owokufika kuleli. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KULINDELEKE ukuthi avele eNkantolo yaKwaNongoma kusasa, uNkosikhona Ndabandaba odume kakhulu ngelika-Phakelumthakathi, kulandela ukuvulelwa kwakhe icala umuntu wokufika kuleli, wamenzela incwadi yokumvimba ukuthi angene edolobheni KwaNongoma (protection order).
Lolu daba seluqubule ukucasuka okukhulu kubantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana, njengoba bebuza ukuthi lo wokufika ngabe unawo yini amaphepha amgunyaza ukuthi abe kuleli, ungubani yena osekwazi ukwenza incwadi evimbela uPhak’lumthakathi ukuthi angangeni edolobheni langakubo na?.
UPhak’lumthakathi ungomunye wezinsizwa ezaphumela obala weseka umbono kaJacinta Ngobese-Zuma ongumsunguli nomholi we-March And March, wokuthi bahambe abokufika abakuleli ngokungemthetho, kusale labo abanamaphepha asemthethweni abagunyazayo ukuthi babe kuleli.
Le nsizwa selokhu kwaqala lamamshi anokuthula isuke ikhona iphethe izihlangu zayo. Lolu daba lubhekwe ngabomvu ukuthi iNkantolo yaKwaNongoma izolusingatha kanjani.
UPhak’lumthakathi uphinde wanxenxa abantu ukuthi baphume ngobuningi babo bazomeseka.
