KUZONYUKA KAKHULU UKUDLA KULELI ZINGAKAPHELI

UKHUZA okuzoqonga kuwo Amanani kubalwa
isinkwa, imifino nenyama yenkukhu. ISITHOMBE: Inthanethi
AKHONA DLAMINI
OCHWEPHESHE bezimakethe baxwayisa ngokuthi iNingizimu Afrika kungenzeka ibhekane nengwadla, yokunyuka kwamanani okudla ezinyangeni ezizayo ngenxa yokwenyuka kwamanani kaphethiloli.
Imbangela yokunyuka kukaphethilolu kube impi phakathi kwamazwe i-Iran kanye ne-United States, njengoba Iran kuyiyona ekhiqizela izwe lakuleli uphethiloli.
UCasey Sprake oyi-Market Strategist kwa-AG Capital, uthi abathengisi bacindezelekile ngoba abakwazi ukukhuphula amanani okudla mawala, njengoba abantu sebevele bebhekene nobunzima bezomnotho. Lokhu kungenxa yokuthi izitimela azisebenzi kahle, izimpahla zithuthwa kakhulu ngemigwaqo, okwenza ukudla okufana nesinkwa, imifino kanye nenyama yenkukhu kuthinteke kakhulu.
