KUKLONYEKISWE ABASHAYELI BAMATEKISI ASE-SOUTH NASE-NORTH BEACH

UBONGANI Malimela obe umshayeli wonyaka ovelele ephethe umklomelo wakhe. ISITHOMBE: TL PHOTO’S
NOMCEBO NGEMA
USIHLALO wemboni yamatekisi i-South And North Beach Taxi Association (SNBTA), uMnuz Yusuf Khaliva ukhuthaze abashayeli bamatekisi ngokuthi bangazenyezi ngomsebenzi wabo, ngoba muhle kakhulu futhi ibona abaphethe ukuphepha kwabagibeli nsuku zonke.
UKhaliva ukhulume lokhu ngesikhathi kunendumezulu yomcimbi wokuklomelisa bonke abashayeli bamatekisi abenze kahle, okubalwa no-rank manager ngaphansi kwalo soseshini.
Uthi lo mcimbi sebezowenza minyaka yonke, ngenhloso yokukhuthaza bonke abashayeli ukuthi benze kahle.
“Njengoba lo mcimbi besiwenza, selokhu sagcina ukuwenza ngonyaka ka-2011. Sibonile ukuthi inkulu kakhulu indima eklanywa abashayeli, njengoba kuyibona abavuka kuqala nsuku zonke bahambise abantu lapho abasebenzela khona, baphinde balale kugcina sebehambisa abantu emakhaya. Amatekisi alayisha lonke uhlobo lwabantu okubalwa odokotela, abahlengikazi, amaphoyisa njalo njalo ngakho kubalulekile ukuthi abashayeli bazithande futhi bazihloniphe uma bephuma emakhaya bazi ukuthi baya emsebenzini,” kusho uMnuz Khaliva.
Uqhube wathi bonke abashayeli abanqobile ebebeqokelwe kwiminxa ehlukahlukene bavotelwe abagibeli.
Uphinde wachoma uphaphe lwegwalagwala abashayeli ngokuziphatha kahle kumaholidi ePhasika njengoba ethi akubanga bikho ngozi kulo asoseshini.
“Kulo asoseshini sinabashayeli abangaphezu kwama-300 okubalwa nalabo ababambayo uma kukhona ophumule kodwa akubanga bikho ngisho ingozi eyodwa ngempelasonto yePhasika, okuyinto enhle kakhulu,” kuqhuba uMnuz Khaliva.
Kumunxa wokuqala bekungowe-Best Maintained Vehicle- ungqotshwe uSiphelele Gumede
Kumunxa wesibili kwaba- uRank Manager of the year – ungqotshwe uSandile Ngcobo
Kumunxa wesithathu kwaba-uDrivers Driver okungumshayeli okhethwe abanye abashayeli- ungqotshwe uManqoba Magoso
Kumunxa wesine kwaba- uDriver Of The Year- ungqotshwe uBongani Malimela.
Abakwa-Hollywoodbets bathi bazoxhasa le mboni ngokuthi baqeqeshe abashayeli ngosizo lokuqala kanye ne- first aid kit.
