ASEYATHOLAKALA AMATHIKITHI E-UGU JAZZ FESTIVAL

Naledi Aphiwe uzobe enza adume ngazo ku-Ugu Jazz Festival. ISITHOMBE: UGU MUNICIPALITY
PHUMELELE DLAMINI
ASEQALILE ukutholakala amathikithi o-Ugu Jazz Festival kwa-Spar, Pick n Pay, Boxer kanye naku-Ticketpro kusukela ku-R250.Lokhu kuvezwe iMeya yoMkhandlu Ugu, uMnuz Skhumbuzo Mqadi, ngesikhathi lo mcimbi wethulwa ngokusemthethweni eMashroom eMhlanga ngoLwesihlanu.
Lo mcimbi uzokuba se-Ugu Leisure Sportground mhlaka 26 June, kanti kuzoqalwa ngemicimbi ezokwandulela umcimbi omkhulu, okubalwa isidlo sase busuku esizokuba seqopheleni eliphezulu nomculo wokholo. Ugu Jazz Festival ihlelwe uMasipala o-Ugu ngokubambisana neCoolsounds Trading, kanti izoza noshintsho kwindlela obujwayele kwenzeka ngayo.
“Ngonyaka odlule besihlose ukuvuselela i-Ugu Jazz Festival, nokuthi siphinde sikhumbuze abantu ngokukhulu esingakwenza nge-Jazz okubalwa ukuheha izivakashi. Kulonyaka sakhela phezu kwaleso sisekelo ngokuletha umcimbi ozothatha izinsuku eziningana. Kuzoqala kwisidlo sakusihlwa esisezingeni eliphezulu, umcimbi wokudumisa kuze kufike kumcimbi omkhulu we-Jazz, sakha okuthile okuzonelisa izithameli ezinhlobonhlobo sibe sibeka iSouth Coast njengendawo okumele ivakashelwe.”
IMeya uMqadi ithi Ugu Jazz Festival ka-2026, ikulungele ukuheha izivakashi zasekhaya kanye nezamazwe ngamazwe, ibe iqhubeka nokubamba iqhaza ekuthuthukiseni umnotho nezokuvakasha. Ezinye izimemezelo mayelana nabanye abaculi kanye nemininingwane yohlelo izomenyezelwa emavikini azayo. Ugu Jazz Festival ilethwa kini ngokuziqhenya uMasipala wesiFunda sase-Ugu ubambisene nabakwa-Coolsounds Trading, uMnyango weZemidlalo, ezobuCiko namaSiko waKwaZulu-Natal kanye noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neZemvelo KwaZulu-Natal.
