Uncategorised

UKHALE EZENJABULO UMDAYISI ENIKELELWA UMUSA MEDIA

UZETHU Phoswa oyi-CEO yo-Umusa Media noNkk Merriam Mnomiya ongumdayisi wasetafuleni eThekwini. ISITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI

NOMCEBO NGEMA

ZEHLE zageleza izinyembezi zenjabulo kuNkk Merriam Mnomiya oneminyaka engama-75 ubudala, ongowokudabuka eNkandla kodwa osezinze eNtuzuma, ngesikhathi evakashelwe ithimba labezindaba bo-UMusa Media izolo bemphathele isipho azothenga ngaso isitoko sokudayisa, etafuleni adayisa kulona edolobheni eThekwini.

Elandisa kabanzi leli phephandaba uthi uqale ukudayisa etafuleni ngonyaka ka-1990, ebelethe ingane yentombazane ayedayisa nayo nsuku zonke.
“Le ngane ineminyaka engama-36 ubudala manje, isize yaba nezayo izingane. Inkulu indima edlalwe ileli tafula empilweni yami ngoba manje nginomuzi kanti phambilini bengihlala emjondolo, ngizifundisile izingane zami lena yomfana bengiyifundisa eWestville njengoba manje ilindele ukugqoka ijazi layo lesithathu enyuvesi ngenxa yalo itafula leli. Ngaleli tafula asikaze silale nezingane zami singadlile njengoba manje sebesebenza bobabili,” kusho uNkk Merriam.

Uveze ukuthi nakuba leli tafula limsiza kodwa zikhona izingqinamba ababhekana nazo njengabadayisi okungamaphoyisa kaMasipala weTheku angabavumeli ukuthi bandlale belule phansi anikwe amathikithi. “Amaphoyisa ayasibopha uma sizama ukwandisa itafula uma sindlale phansi. Sibaningi esidayisa into eyodwa sonke, ngakho sisuke sithi sandisa amasenti nokuzama ukugwema ukuthi kungashoni ilanga kungathengwanga lutho. Ayasikhuthaza ukuthi sigcine ngokubeka etafuleni hhayi phansi, okunye kuba imali yerenti okufanele uyikhokhe ngesikhathi ngoba uma kungenjalo bayafika bakuphice imvumo yokudayisa (permit), ” esho.
Uthi ubonga uNkulunkulu ngakwenzelwe UMUSA MEDIA.
” Ngibonile namuhla ukuthi kufanele ngiqhubeke ngithandaze njalo ngimbonge uNkulunkulu, eningenzele khona namuhla kukhulu kakhulu futhi kungumusa wakhe uNkulunkulu. Ngiyabonga kakhulu zingane zami, ngiyabonga nakuNkulunkulu onikhombise mina bebangaka abadayisi eThekwini,” kuphetha uNkk Merriam obehluleka nawukuzibamba ngenxa yenjabulo.
UZethu Phoswa uthi yiyona ndlela ababuyisela ngayo emphakathini, ngokulekelela ngokuncane, ngenhloso yokwenza umehluko.