KUVELE OKUSHAQISAYO NGESIKHULU ESIBOSHIWE

UKAGISO Lerutla oboshwe ngezinsolo zokukhwabanisa. ISITHOMBE: GOOGLE
AKHONA DLAMINI
SEKUQUBUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemva kokuboshwa kwesikhulu sikahulumeni, uKagiso Michael Lerutla oyimenenja kaMasipala waseKurhuleni.
ULerutla uboshwe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, kuphinde kwasabalala amahlebezi athi imali kaMasipala ubeyibhubhudla neziphalaphala zezintokazi ezidumile. Kulezi zintokazi kubalwa uMaWhoo ongumculi, Sithelo Shozi okuvela ukuthi washiya phansi ukuba Dj elandela ibhodwe eliconsayo.
Enye yezintokazi asolakala nayo uCyan Boujee, okuvela ukuthi umuzi asanda kuwufaka ezinkundleni zokuxhumana wathengwa uyena uLerutla. Uphinde wasusa zonke izithombe abezifake ezinkundleni zokuxhumana, okusolakale ukuthi ubecisha ubufakazi ngempilo ayiphilayo. UCyan ube esetshela abantu ukuthi ubhecwa ngobende inyama engayidlanga, waveza ukuthi wonke ama-account akhe asebhange asevaliwe akasazi isizathu salokho.
