
UMAWHOO ULETHA I-SECRET GARDEN ETHEKWINI
AKHONA DLAMINI
UMCULI ongaconsi phansi ebantwini kulezi zinsuku uMawhoo, uzoletha okokuqala ngqa umcimbi wakhe i-Secret Garden, eThekwini ozoba ngoMgqibelo mhla ziyi-28 kuLwezi.
UMawhoo uthe i-Secret Garden ihlose ukusondeza yena njengomculi kubalandeli bakhe, njengoba siphila esikhathini lapho ubuchwepheshe ne-AI kuqhubeka nokushintsha indlela abantu abawuzwa ngayo umculo.
“Ngifuna abalandeli bami bezwe izwi lami bukhoma, khona bezobona ukuthi izingoma zami ziculwa yimina, hhayi i-AI,” kubeka uMawhoo. Lo mcimbi kulindeleke ukuthi uhanjelwe uNkosazana Daughter, usomabhizinisi uBenny Maverick nabanye abaningi.
