IKHATHAZEKILE IMEYA NGOKUDUTSHULWA KUBULAWE IPHOYISA E-RICHMOND

IMEYA uCllr Melikhaya Ngcongo ushayela amaphoyisa ihlombe ngokubopha abasolwa ababili.
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala wase-Richmond uCllr Melikhaya Ngcongo, uthi ukhathazekile ngokubulawa kwephoyisa ebelingekho emsebenzini uConstable Njabulo Cebekhulu obeneminyaka engama-32 ubudala, obulawe ngeSonto entathakusa endaweni yokucima ukoma edolobheni.
Kubikwa ukuthi uConstable Cebekhulu udutshulwe ngesikhathi ezama ukukhuza omunye wabasolwa obeqhumisa isibhamu phakathi kwabantu, kuthiwa umsolwa uphinde waphuca uConstable Cebekhulu isibhamu sokusebenza ngemumva kokumdubula.
IMeya iphinde yashayela ihlombe amaphoyisa ngokusebenza kwawo ngokuzikhandla njengoba beboshiwe abasolwa ababili. “Awukwazi ukuthi ungabulala umuntu bese uzitshela ukuthi kuzophela kanjalo kungabikhona izinyathelo othathelwa zona. Lesenzo samaphoyisa sidlulisa umyalezo oqinile ngisho kwezinye izigebengu ezizitshela ukuthi zingaphezu komthetho futhi ukuboshwa kwalaba basolwa kubuyisa isithunzi samaphoyisa,” kusho iMeya uNgcongo.
