UMTOLO UNCOME UMCHUNU NGOMSEBENZI OMUHLE

UMBIKO: UZETHU PHOSWA
UNobhala we-ANC eKZN uMnuz Bheki Mtolo uncome uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwe lonke noMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, ukuthi ngenxa yemisebenzi yabo emihle, bazokwazi ukuthi zibanjwe ngokushesha izinkabi ezibulele ikhansela le-ANC.
Lokhu kunconywa kukaNgqongqoshe uMnuz Senzo Mchunu noLt General Nhlanhla Mkhwanazi, kuhambisana nemisebenzi encomekayo nebanika ithemba lokuthi bazobathola ngokushesha ababulali bekhansela Le-ANC, uPhendukani Mabhida obulawe izolo.
Esitatimendeni asithumele ubedlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMabhida, wathi uyathemba ukuthi amaphoyisa azobathola abenzi bokubi.
“Sisho lokhu ngoba siyawubona umsebenzi owenziwa ngamaphoyisa ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe wamaPhoyisa kazwelonke, uSenzo Mchunu noMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. Siyi-ANC eKZN sinxusa wonke umuntu ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa ukuthi kubanjwe lezigila mkhuba. Sonke kufanele sibambisane ukulwa nobugebengu,” esho.
