KUXWAYISWA ABANTU NGESIMO SEZULU ESINGESIHLE

IMIBIKO yesimo sezulu esivela kwabaka-SAWS.

OKUMELE kuqashelwe. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
IZANGOMA zezulu zakwa-South African Weather Services, zixwayisa ngesimo sezulu esizothanda ukungabi sihle kusukela namuhla kuya kusasa .
Le mibiko yesimo sezulu iveza ukuduma kwezulu okunamandla esifundazweni iKwaZulu-Natal ikakhulukazi eThekwini, okuhambisana nezikhukhula, umoya onamandla ongahle ube nomthelela ongemuhle kubantu nakwingqalasizinda. Izikhukhula zizodala umonakalo emigwaqeni njengoba izobe ishibilika kuphinde kubenzima ukubona, ngakho kuxwayiswa kakhulu abashayeli ukuthi baqaphele eqolo njengonwabu.
Nabantu abahlala ezindaweni ezingaphephile, ikakhulukazi emijondolo banxuswa ukuba bafudukele ezindaweni eziphephile.
UMasapala weTheku uthi ukulungele ukuyosiza lapho esekumoshakele khona.
