Uncategorised

KWENZIWE UBUDLELWANO KWI-CHARLTON NE-MARK FISH FOUNDATION

IMARK Fish Foundation yenze ubudlelwano neCharlton Athletic ngethuba lokuthuthukisa ibhola eNingizimu Afrika.
ISITHOMBE: X.com

MALIBONGWE MAZIBUKO

ICHARLTON Athletic isisayine ngokusemthethweni ubudlelwano neMark Fish Foundation, okuyisivumelwano sokuqala ngaphansi kohlelo olusha lweqembu olubizwa nge-International Football Programme.
Lesi sivumelwano sisayinwe eThe Barrel Room eNingizimu Afrika, lapho owayengumqeqeshi kanye nenkakha yeCharlton Athletic, u-Alan Curbishley, esayine khona egameni leqembu noMark Fish owayengumdlali waleli qembu lesizwe iBafana Bafana futhi ongumsunguli wale nhlangano.
Lobu budlelwano buzogxila ekuletheni izinhlelo ezihlelekile zokuthuthukisa ibhola entsheni nasemiphakathini ethile yaseNingizimu Afrika. Lolu hlelo luzohlanganisa ulwazi lweCharlton Athletic ekuqeqesheni nasekuthuthukiseni abadlali nomsebenzi womphakathi owenziwa yiMark Fish Foundation.
ISikhulu seCharlton Athletic, uSteve Brown, uthe lesi sivumelwano siyisinyathelo esibalulekile ohlelweni lweqembu lokwandisa umsebenzi walo emhlabeni.
UBrown uveze ukuthi lokhu kubambisana kukhombisa ubudlelwano obudala phakathi kweCharlton Athletic neNingizimu Afrika, nomsebenzi omuhle owenziwa uFish ekuthuthukiseni intsha ngebhola.
UFish naye usamukele lesi sivumelwano, wathi singesikhethekile, wancoma ukuphinde axhumane neCharlton Athletic ngale ndlela.