KUSOLWA UDABA LWABOKUFIKA KUNGQONGQISWA UMUZI KA-NGIZWE EMBUMBULU

UMUZI kaNgizwe Mchunu oshe wonke wangqongqa kwasala izindonga.

UPHAK’LUMTHAKATHI Ndabandaba ogijimile waya emzini kaNgizwe ngesikhathi ezwa ngalesi sigameko. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
BASHAQEKILE abantu baKwaZulu-Natal, kulandela ukungqongqiswa ngomlilo komuzi kaNgizwe Mchunu
oseMadundube eMbumbulu, izolo emini yantambama ngezithuba zehora lesithathu kwasala kungamagebedu.
Nakuba uNgizwe esezakhele izitha eziningi ngenxa yekhontenti yakhe, kodwa kulokhu kuyamaniswa nokuthi kungenxa yokuthi ungomunye wezishoshovu ezihamba phambili, kudaba lokunxenxa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi bahambe babuyele emazweni abo .
Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa kufike abesilisa abathathu bafuna uNgizwe, kuthe uma bezwa ukuthi akekho njengoba befice izingane kwabonakala ngelangabi lomlilo kusha umuzi.
UPhak’lumthakathi Ndabandaba ongomunye wezishoshovu kudaba lwabokufika, uqinisekise ukuthi akukho muntu olimele kulokhu kusha komuzi, kodwa umonakalo mkhulu kakhulu odalekile ezindlini nasempahleni yangaphakathi. “Ngokombiko esiwutholile kuthiwa kufike abantu lapha bezofuna uNgizwe kodwa abangamthola. Kuthe uma bephuma ngesango kwabonakala izindlu zisha izingane zinganakile. Ngenhlanhla enkulu kaNkulunkulu akekho olimele kodwa impahla ilimele kakhulu njengoba umuzi ushe wangqongqa wonke. Lokhu kuyasethusa siyizinsizwa ngoba emasontweni amabili edlule sithole ukuthi uFelemntwini Gumede esisebenza naye kakhulu, sithole ukuthi naye kufike abantu emzini wakhe eMzimkhulu bafika kukhona izingane babulala amawindi nezicabha bashaya bachitha,” kusho uPhak’lumthakathi.
Uqhube wathi lokhu bakubona kuyimpi eqondene nokuthi kukhona umsebenzi abawenzayo owaziwayo.
Uthi bayazi ukuthi kukhona abakuleli abayingxenye yokuvikela abantu bokufika abakuleli ngokungemthetho, uma benza lo msebenzi abawenzayo.
Usho nokuthi laba abavikela abantu bokufika ngabe isikhulu, iphoyisa okanye izinsizwa lezi ezibizwa ngezinkabi, wathi abayiyeke lento ngoba bayabona nabo ukuthi lo msebenzi abawenzayo izwe liyawudinga, abaholi bayaweseka futhi neNingizimu Afrika yonke iyaweseka.
Okwamanje akukaboshwa muntu mayelana nalesi sigameko, amaphoyisa ayaqhubeke nophenyo ngokusha komuzi.
