UZONDO UGQUGQUZELA INTSHA UKUTHI IYOBHALISELA UKUVOTA

USIHLALO we-IFPYB uSanele Zondo enxusa abantu abasha ukuba baphume ngothi lwabo beyobhalisela ukuvota. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
USIHLALO wabantu abasha kwi-Inkatha Freedom Party (IFPYB), unxusa intsha ukuthi iphume ngobuningi bayo bayovota kukhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi kulonyaka. USanele Zondo ukhulume lokhu ngesikhathi eyingxenye yokwethulwa komkhankaso wokubhalisela ukuvota obusingathwe iqembu le-IFP eMpangeni.
“Kubalulekile ukuthi abantu abasha baphume beyobhalisela ukuvota, baphinde baye kovota ukuze babe nezwi ngekusasa labo. Uma bengalibambi iqhaza okhethweni lokho kubeka ikusasa labo engcupheni,” kusho uZondo.
