Uncategorised

UMKHAMBATHI UNGOMPETHA BASE-KZN KWI-ABC MOTSEPE LEAGUE

UMKHAMBATHI FC uguqise Umvoti FC, emdlalweni wokuhlunga iqembu elizomela iKZN kumaNational Play-Offs e-ABC Motsepe League.
ISITHOMBE: Umkhambathi FC

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMVOTI FC noMkhambathi FC babhekane emdlalweni omkhulu wokuhlunga iqembu, elizoba ngompetha beKZN kwi-ABC Motsepe League ngoMgqibelo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, lapho bekubangwa khona isicoco nethikithi lokuya emidlalweni kazwelonke, amaNational Play-offs,
Umvoti FC ungene kulo mdlalo njengompetha be-Stream A, kwathi Umkhambathi FC waba ngompetha be-Stream B.

UMkhambathi FC uphume unqobe ngo 1-0, okuyigoli eliqinisekise ukuthi inqobile ungompetha baKwaZulu-Natal, futhi izophephezelisa ifulegj lesifundazwe emidlalweni kazwelonke ezoba seMthatha, e-Eastern Cape, ngenyanga ezayo.
Leli qembu lizolwela ukwenyukela kuMotsepe Foundation Championship.

Ngesizini edlule, Umkhambathi wehlulwa yiMidlands Wanderers, emdlalweni wokuhlunga iqembu elizomela isifundazwe, iMidlands yagcina iphumelele ukunyukela kwiChampionship.

Lo mdlalo ukhombise ukukhula nokuncintisana okukhulu kwebhola esifundazweni saKwaZulu-Natal, njengoba
womabili amaqembu ekhombise ukuzimisela ngamandla kuyo yonke isizini.

UMkhambathi FC manje uzoqala amalungiselelo ama-National Play-offs, unethemba lokulandela ezinyathelweni zeWanderers ngokuthola indawo kwiChampionship.