Uncategorised

SELUSEMOME OLOKWETHULWA LWE-AFRICA’S TRAVEL INDABA

INGXOXO yephaneli namuhla kowe-ATI. ISITHOMBE: AKHONA DLAMINI

AKHONA DLAMINI

BEKUPHUME nesidolo namuhla kumbukiso wokulungiselela ukwethulwa ngokusemthethweni, kwe-Africa’s Travel Indaba, e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) eThekwini.

Lo mcimbi wokwethulwa kwe-ATI kulindeleke ukuthi uthathe izinsuku ezevile kwezine, okubalwa nosuku lwanamuhla olubizwa ngeBONDAY, olugxile kakhulu ekutheni abantu bazane (networking), njengoba bezochitha izinsuku eziningi ndawonye.
IBonday ibophele izigaba eziningi eziqukethe izingxoxo zephaneli (panel discussions) , okuhloswe ngazo ukucija izethameli nemikhakha eyahlukene ebambe iqhaza kwezokuvakasha.

Kwimikhakha ebambe iqhaza kubalwe izinkundla zokuxhumana ikakhulukazi uTiktok , onconywe kakhulu ngokulekelela uma izivakashi zifisa ukuza kwelakuleli. Kumkhakha wezemidlalo kunconywe kakhulu iqembu la-AmaZulu ngokumela kahle isifundazwe saKwaZulu Natal kwezemidlalo.