Uncategorised

INKOSAZANE YESILO IKHALA NGOBUNGOZI KWABASEDUZE NESILO

UMntwana Nothando kaMisuzulu. ISITHOMBE:DSAC

NOMCEBO NGEMA

INKOSAZANE yeSilo esibusayo uNothando, ukhala ngokuvinjelwa ukubona iSilo nangobungozi babantu abazungeze naso iSilo .
UMntwana uNothando uzwakalise ulaka lwakhe, ezinkundleni zokuxhumana TikTok.
“Bayingozi abantu abasondelene neSilo, bavimba ngisho Mina imbala ukuthi ngibone iNgoyama engubaba,” kusho uMntwana uNothando.
Kule video kaMntwana uNothando uthi labantu bayingozi kakhulu, ngendlela yokuthi bafuna kuzwakale izwi labo bodwa.
“Kwamina ngiyavinjwa ekubeni ngiyindodakazi yokuqala yeSilo. Ukuze ngibone ubaba kufanele ngicele kwabanye abantu, ukuthi ngicela ukubona ubaba okuyinto ebuhlungu. Ngiyabuya no-part 2 ozodonsa kakhulu. Abantu abaseduze kweNgonyama bayingozi, ngicela baqashelwe, nibaqaphele,” kuchaza uMntwana uNothando.