ULWANDLE LUKHAFULA IKHANDA LOMUNTU EMDLOTI

IKHANDA lomuntu elikhafulwe ulwandle lwaseMvoti izolo. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
USHAQEKILE umphakathi waseMvoti, kulandela ukuthi ulwandle lukhafula ikhanda lomuntu, izolo ngezikhathi zasekuseni.
UVicky Schnetler oyiMenenja yo-Umdloti Smart Village, uziqinisekise lezi zindaba, wathi leli khanda libonwe umdobi wendawo, kwabe sekubikelwa amaphoyisa ngokushesha.
“Bekukade kubumbana ihora lesi-8 ekuseni ngesikhathi umdobi ebona ikhanda lomuntu, wambikela onogada benkampani yakwa-Marshall Security. Amaphoyisa afike endaweni yesigameko athatha leli khanda ukuze kuqhubeke uphenyo. Okwamanje amaphoyisa awakayikhiphi imininingwane, asaphenya,” kusho uSchnetler.
Uqhube wathi kulindeleke ukuthi kuqale uphenyo oluzobandakanya ukuhlolwa kolibofuzo (DNA), kanye nokuhlolwa kwalo ikhanda ukuze kutholakale imbangela yokufa, nokuthi ikhanda lifike kanjani olwandle.
Okwamanje akukaboshwa muntu, amaphoyisa anxusa noma ngabe ubani onolwazi ngalolu daba ukuthi aphumele obala.
