Uncategorised

UGUQISE OWASE-JAPAN U-SWIATEK KOWE ITALIAN

UDLULELE kuma-quarterfinal u-Iga Swiatek emva kokuguqisa uNaomi Osaka.
ISITHOMBE: WTA

MALIBONGWE MAZIBUKO

U-IGA Świątek uqhubeke nokukhombisa ukubuyela esimeni sakhe esihle, ngesikhathi efinyelela kuma-quarter-final e-Italian Open, ngemuva kokuguqisa uNaomi Osaka ngamasethi amabili ophele ngo-6-2, 6-1 ngoMsombuluko eRome.
USwiatek ohlezi endaweni yesithathu emhlabeni, usebenzise ihora nemizuzu engu-22 kuphela ukuguqisa umnqobi wamaGrand Slam osewanqobe amahlandla amane, wabe esethatha elinye igxathu elibheke esicongweni sesithathu se-WTA 1000 eRome.
U-Osaka uzamile ukulwa kusenesikhathi yize ephucwe, i-serve emdlalweni wokuqala.
Lo mdlali waseJapan usindise amathuba amabili e-break point ngaphambi kokuthi uŚwiątek ashaye ibhola elihle elinqamula inkundla ukuze ahambe phambili ngo 1-0. U-Osaka uphinde wabuyela emdlalweni walungisa isethi yaba ngu 2-2, kodwa kusukela lapho uŚwiątek wathatha ngokuphelele ulawulo lomdlalo.
Ngemuva kokuba nesikhathi esinzima ezinkundleni zobumba kusukela anqoba iFrench Open ngo-2024, uŚwiątek ubebonakala esebuyile esimeni sakhe esihle njengoba enqobe imidlalo emine ilandelana ukuze athathe isethi yokuqala.
Lo mdlali wasePoland uqhubeke nokudlala kahle nasesethini yesibili, wahamba phambili ngo 2-0 ngaphambi kokuphinda aphuce u-Osaka iserve kabili kulandelana ukuze aqede umdlalo.
Lokhu kunqoba sekumhlelele umdlalo wama-quarter-final kanti uzobhekana noJessica Pegula.
UŚwiątek useke wanqoba le midlalo yaseRome ngo-2020, 2021 nango-2024, kodwa ubefike kule tournament efuna ukubuyisa ifomu yakhe njengoba engakaze adlulele ngale kwama-quarter-final kunoma yimuphi umqhudelwano kulo nyaka.
Ukubuyela kwakhe esimeni esihle kungase kube nomthelela womqeqeshi wakhe omusha Francisco Roig, osebenze phambilini no Rafael Nadal, Matteo Berrettini kanye no Emma Raducanu. UŚwiątek uqoke uRoig ngoMbasa ngemuva kokukhishwa emzuliswaneni wesibili we-Australian Open, ethatha indawo kaWim Fissette.