INDIZA YASE-GHANA EBIZOLANDA ABAKULELI IHAMBE INGENGQEZA

INDIZA yaseGhana ithole umuntu oyedwa esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UHULUMENI wase-Ghana ukhiphe indiza ezolanda zonke izakhamuzi zakhona ezikuleli ngokungemthetho, kodwa indiza yabuyela emuva nomuntu oyedwa.
Le ndiza ibithunyelwe kulandela imibhikisho eqhubekayo kwelakuleli yokunxenxa abokufika, ukuthi babuyele emazweni abo. Uhulumeni waseGhana wathembisa indiza yamahhala, usizo lwezimali, nokwelulekwa ngokwemgqondo kubantu baseGhana. Bathi lolu hlelo lusazoqhubeka uma kunesidingo.
Izintatheli zakuleli zithole ukuthi uyedwa vo umuntu osesikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International, namuhla ekuseni. Igama lalona oyedwa ohambile uSylvester Boakye oneminyaka engama-22 ubudala, ubesebenza esalon.
