Uncategorised

USHINGA UKHATHAZEKILE NGOKWANDA KWESIBALO SEZINGANE EZIZIBULALAYO

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga ekhuluma namalunga omndeni omfanyana kanye nomphakathi ozimazise lo mndeni.

UNGQONGQOSHE uShinga eduduza amalunga omndeni.ISITHOMBE: KZNDSD

NOMCEBO NGEMA

UTHI kuyamkhathaza kakhulu ukukhuphuka kwezibalo entsha ezibulalayo, uNgqongqoshe
woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga.
Lokhu kulandela ukuzibulala kwengane yomfana eneminyaka eyi-14, ngoLwesine olwedlule eMalangeni ngaphansi kukaMasipala waseMdoni.
UNgqongqoshe uvakashele umndeni walomfanyana eyobhonga emswanini, aphinde adlulise amazwi enduduzo, ngalesi sikhathi esinzima obhekene naso. “Njengoba silapha ngiphelezelwa ubuholi bendawo nosonhlalakahle. Sifisa umndeni welulekwe ngokomqondo, nalabo bomphakathi ababone lesi sigameko . Okubuhlungu kakhulu ukuthi lokhu kwenzeka ngenyanga yokuvikela izingane umhlaba wonke. Akukhona okokuqala kwenzeka njengoba naseVerulam ingane eneminyaka eyi-12 ithathe impilo yayo,” kusho uNgqongqoshe uShinga.

Uqhube wathi lezi zigameko kufanele zibe ikhwelo elivusa umphakathi ukuze uvikele izingane, uphinde uvule nenkundla lapho izingane zizozizwa zilalelwa khona, zesekwa futhi zizizwe zibalulekile ngaso sonke isikhathi.