INKOSIKAZI NENTOMBI EMBANGWENI WAMAFA KA-LEKOTA

Intombi kamufi uMosiuoa
Lekota, uLuzelle Adam’s nenkosikazi uNkk Cynthia Lekota embangweni wefa. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
AKUKAPHELI ngisho iviki umholi nomsunguli we-Congress of the People (COPE), ebekwe endlini yakhe yokugcina kodwa sekuqubuka umbango wamafa phakathi kwentombi uLuzelle Adam’s
nenkosikazi uNkk Cynthia Lekota.
UMosiuoa “Terror” Lekota ungcwatshwe ngoMgqibelo, uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa wamemezela ukuthi anikwe umgcwabo osesigabeni sesibili sikahulumeni.
Kuvele ukuthi iNkosikazi kaLekota osemthethweni uNkk Cynthia Lekota, ufake isicelo enkantolo sokuthi izindaba zezimali nempahla kaLekota kubekwe ngaphansi kokulawulwa okukhethekile, lokho okuphikiswe yilungu le-COPE uLuzelle Adam’s ongunina wengane kaLekota, oke waba yilungu lePhalamende ngaphansi kweCOPE, wathi naye unentshisekelo efeni.
U-Luzelle uthi wayehlala noLekota endlini eyodwa futhi banengane ndawonye.
Ngesikhathi kuqhubeka leli cala enkantolo, kubikwe ukuthi kukhishwe imali elinganiselwa ku-R400 000 kwi-account kaLekota, kanti nesisefo esisemzini wakhe sitholakale sivuliwe singasenalutho.
UKotane Lekota oyindodana kaLekota waqokwa njengomlawuli wesikhashana wefa mhla ziyi-12 kuNhlolanja kulonyaka, ukuze aphathe izimpahla nezimali zikayise.
Lolu daba luyaqhubeka enkantolo njengoba umbango wefa uqhubeka.
