BANYELWE INYONI ESANDLENI ABAHLALA EMGWAQWENI

UPHAKELUMTHAKATHI kanye nethimba lakhe abebelethe umthandazo kulaba abahlala emgwaqweni.

IPAKI yaseKing Dinuzulu osekuyindawo yokufihla ikhanda. IZITHOMBE : AKHONA DLAMINI
AKHONA DLAMINI
UPHINDE wahlangana uZulu kumthandazo obuholwa uNkosikhona Ndabandaba owaziwa ngelikaPhakelumthakathi, obubhekiswe kubantu abahlala emgwaqweni eKing Dinuzulu, eThekwini, nokuyindawo esebefihla kuyo ikhanda.
Inhloso yalo mthandazo bekuwukugqugquzela labo abahlala emgwaqweni ukuthi bangalilahli ithemba basengasizakala, ukulalela labo asebeyihambile indlela yokusebenzisa izidakamizwa bezifakazela nokuzama ukubahlanganisa nemindeni yabo. UPhakel’umthakathi umthakathi uthe konke lokhu akwenzayo kusuka enhliziyweni akazuzi lutho, futhi akazile ukuzokhankasela inhlangano ethize.
“ Lokhu engikwenza lapha angibhekile lutho oluzoza kimina, ngike ngibone ezinkundleni zokuxhumana abantu besho yonkinto kuthiwa ngifuna izikhundla ezithize. Mina ngize lana ukuzosiza abafowethu nodadewethu abamnyama njenganami. Basangalungiseka labantu ngibona indlela abawuthobela ngakhona umthetho uma ngikhuluma nabo. Kumanje sifike sathola indaba ezimbi zokuthi kukhona udadewethu osishiyile emhlabeni kulaba bantu namuhla ekuseni,” kubeka uPhakelumthakathi.
UNkanyiso Ngobese uthule ubufakazi bakhe njengoba naye ayengomunye owayehlala emgwaqweni, engene shi kwizidakamizwa. “Ngiyabazi abanye benu ngihlale nabo, mina asikho isidakamizwa engingasidlanga , ngaboshwa nokuboshwa. Namhlanje nginemoto nonkosikazi ongumhlengikazi ngoba ngazitshela ukuthi ngifuna ukuphuma kule mpilo. Konke kusuka kumuntu, uma sewufuna ukusizakala uyasizakala kodwa bongakafuni akwenzeki nhlobo,” esho.
