Uncategorised

USHAQEKILE U-SHINGA NGOKUBULAWA KUKA-SOKHEMISI WESIFAZANE ETHEKWINI

USOKHEMESI uNomzila Bayabonga Madinane odutshulwe wabulawa KwaNyuswa ePinetown.

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga ududuze umndeni kaNomzila Madinane.
ISITHOMBE:FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMbali Shinga uzwakalise ukudabuka okukhulu, kulandela ukubulawa kukasokhemisi osemncane uNomzila Bayabonga Madinane, ngesikhathi kuhlaselwa ikhemisi lakhe ebelisanda kuvulwa KwaNyuswa, eHillcrest.

UNomzila ubeneminyaka engama-27 ubudala ubulawe nomsebenzi wakhe uMelissa Sbanda kwase kudutshulwa unogada ngesikhathi sesigameko esenzeke mhla ziyi-19 kuNhlaba 2026.
UNgqongqoshe Shinga uthi lokhu kuwukulahlekelwa okukhulu, hhayi kuphela emndenini kaNomzila kodwa nasemphakathini wakwaNyuswa, njengoba le ntokazi ibisizinikele ekuletheni usizo lwezempilo emphakathini wayo.

“Sidabuke kakhulu ngokulahlekelwa yintokazi esencane ebizinikele ekusebenzeleni umphakathi wayo. Lesi sigameko siyisikhumbuzo esibuhlungu ngomthelela wobugebengu nodlame emindenini nasemiphakathini,” kusho uShinga.

UNgqongqoshe uShinga uphinde wanxusa amaphoyisa nezinhlaka zomthetho ukuthi zisebenze ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi labo ababhekene naleli cala bayaboshwa. Njengophawu lokweseka imindeni eshonelwe, uNgqongqoshe uShinga uthumele ithimba loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukuthi libe yingxenye yenkonzo yomngcwabo , namuhla . Leli thimba lizoholwa yiPhini likaMqondisi Jikelele, uMaphili Mhlongo.